Isolezwe

Umqhele ufuna ukugila izimanga kuma-ultra Marathon

- SITHEMBISO MKHIZE

U JOYINE inedbank Running Club ngoba efuna ukwenza ezibukwayo kuma-ultra Marathon, usithembis­o Mqhele, ofike kwezwakala kwezokusub­atha. Lo msubathi wase-elliotdale, exhorha, e-eastern Cape, ungomunye wabazithol­e bengonding­asithebeni ngemuva kokuvalwa kwemurray and Roberts Running Club. Nakuba ejoyine lo mdlalo ngo-2018 kodwa usengomuny­e wabahlonis­hwayo. Nyakenye ulale endaweni yesishiyag­alolunye kwitotalsp­orts Two Oceans 56km Marathon ngesikhath­i esiwu-3:14.18. Ngo-2022 ubelale kweyesikho­mbisa ngesiwu-3:14.20. Ubuye wenza kahle ephuma indawo yesibili (7:33:36) kwithe Icons Journey 103km Marathon ebigijinye­lwa e-eastern Cape. Umqhele, oseqeqeshw­a ngumthande­ni Nene, utshele Isolezwe ukuthi abe maningi amakilabhu abemfuna kodwa waqoma ukusayina kwinedbank. Ngaphansi kwayo uthe usayine eqoqweni labagijimi bezinga eliphezulu. Uveze nokuthi okwenze wayijoyina wukuthi ubone kuyiyona yodwa ezomsiza ekufezeni iphupho lokukhonya emabangeni amade, okubalwa necomrades Marathon. “Ngibone kuyinedban­k engakwazi ukuxhasa ngokuphele­le izindleko zokugijima ama-ultra marathon. Ngiwumuntu webanga lika-42km kodwa kulo nyaka sithathe isinqumo sokuthi ngigxile emabangeni amade. Ukwenza kahle kwithe Icons Journey 103km Marathon, kunginike okukhulu ukuzethemb­a ekugijimen­i icomrades Marathon yami yokuqala. Angisabi lutho. Ngizoya kuyo ngakho konke enginakho. Empeleni bekumele ngiyigijim­e ngonyaka odlule kodwa ngaqoma ukuya kwitwo Oceans,” kubeka umqhele. Ngo-2021 lo msubathi ungomunye wabenza kahle kwinedbank Runified Breaking Barriers 50km. Umqhele uthe usazohlala phansi nethimba lakhe bahlele imijaho azoyigijim­a.

 ?? USITHEMBIS­O Mqhele usejoyine inedbank Running Club anethemba lokuthi izomsiza ekufezeni iphupho lokwenza ezibukwayo kuma-ultra Marathon Isithombe: SITHUNYELW­E ??
USITHEMBIS­O Mqhele usejoyine inedbank Running Club anethemba lokuthi izomsiza ekufezeni iphupho lokwenza ezibukwayo kuma-ultra Marathon Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa