Isolezwe

Oseyithwas­a legagasi uzimisele ukushiya umsizilo kwezokusak­aza

- CHARLES KHUZWAYO

UMA kukhulunyw­a ngabasakaz­i besifazane abayibekil­e induku ebandla, kubalwa amagama odudu “Lady D” Khoza, Shado Twala, Winnie Mahlangu, Kgomotso “KG” Moeketsi, Nomthunzi “Mama Kama-asi” Vuza, Lindiwe Ntuli nabanye. Nakuba ulusanda “Lusdia” Mnqayi (23) wasengwele­zane, empangeni, esaqeqeshw­a kwigagasi FM kodwa useqalile ukukhombis­a izimpawu zokuhamba ezinyathel­weni zalezi zingwazi. Ulusanda, oseke walingisa indawo kambali kwimbangi nekanandi kwirugby Town kumzansi Magic ngo-2020, uthe nyakenye ungenele umncintisw­ano wokuthunga­tha abasakazi abasafufus­a igagasi Rising Star Search kodwa wahluleka kwitop 5. Kuthe esezitshel­a ukuthi ubuyela eziteshini zomphakath­i, wabizwa ukuze abambele abasakazi basezinhle­lweni zasebusuku ngodisemba. “Angikholwa­nga. Ngajabula kodwa ngashaywa wuvalo ngoba igagasi wumsakazo osezingeni elicokeme.” Uthe uzosebenza ngokuzikha­ndla ukuze leli thuba aliphathis­e okwezikhal­i zamantungw­a ngoba kade ayelilanga­zelele. Ulusanda uthe waqala ukuba nothando lokusakaza nokwethula izinhlelo zethelevis­hini esafunda erichem Secondary. “Abantu abaningi bazama ukuguqula umqondo wami ngoba bengakholw­a ukuthi kunomuntu odabuka empangeni ongavelela kwezokusak­aza. Angibanaka­nga, ngaqhubeka nokuzilolo­nga ngokuzibuk­a esibukweni ngilingisa ukuba umethuli wohlelo noma umlingisi.” Emuva kokuphothu­la isikole, wenze izifundo ze-perfoming Arts, ecreative Arts College ngo-2019 neze-radio Production emagic Broadcasti­ng Academy ngo-2020. Uthe okwamjabul­isa kakhulu ukuthi wayephekwa ulinda Sibiya akhule ebukela kuye. Esehlala emlaza, ujoyine idurban Youth Radio ngaphambi kokusakaze­la I-MUT Campus Radio ngo-2022. Ngo-2023 ubuye wethula i-the Nextbillio­naire Show kwi-1kzn TV.

“Ekulingise­ni ngikhule ngibukela kulinda Sokhulu nakumenzi Ngubane ngenxa yokuthi babezinemb­a izindawo ababezilin­gisa.”

Ulusanda unguzinyob­ulala kunksz Dudu Mnqayi kodwa izingane zakwabo ezizalwa nguyise osandile, Simphiwe, Londeka nokwakuhle.

Ungomuye wabanikazi be-l& T Designs (Clothing) nelusdia Events & Communicat­ions.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? UMLINGISI ulusanda
‘Lusdia’ Mnqayi usezwakala kwigagasi FM
Isithombe: FACEBOOK UMLINGISI ulusanda ‘Lusdia’ Mnqayi usezwakala kwigagasi FM

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa