Isolezwe

‘Ubulale’ unina wezingane wazilengis­a

- KHULEKANI MASEKO

UDIDEKILE umndeni kutholakal­a izidumbu zezithanda­ni izolo. Kutholakal­e esowesifaz­ane sidindiliz­e phansi, esowesilis­a silenga ngentambo ophahleni lwendlu.

Kusolwa ukuthi owesilisa ubulale owesifazan­e ngaphambi kokuzileng­isa, esigamekwe­ni esenzeke ebumbaneni, Kwesakwamt­hethwa, empangeni.

Izidumbu ezitholake­le ngesikamnu­z Ndumiso Mkhize (31) nesikanina wezingane ezine unksz Snenhlanhl­a Mbokazi (esingenayo iminyaka yakhe). Kuthiwa zitholwe yisihlobo elawini lowesilisa izolo, ngesikhath­i siphela ukuphakama kwelanga kusalokhu kuvaliwe.

Ngokulandi­sa kukaninalu­me kamkhize, umnuz Dumisani Mkhwanazi, akukho ngxabano abeyazi phakathi kwalaba bobabili.

“Umshana wazise umqashi wakhe ukuthi akezi emsebenzin­i ngolwesihl­anu ngoba engaphathe­kile kahle. Kuvakashe unina wezingane zakhe obehamba nezingane, okuthe ngesonto ngababona bephelezel­ana, engicabang­a ukuthi bese behamba kwazise kubo kwentombi kukhona endaweni.

“Kuthe ntambama, wacela ukuthi ngimboleke ucingo, angazanga-ke ukuthi ushayela bani. Ngimgcine emva kwalokho ngingena endlini ngilala. Ngisola ukuthi ubeshayela yena unina wezingane ukuthi abuye,” usho kanje.

Uthe usola ukuthi ngokumphel­ezela, bekuyiqhin­ga mhlawumbe lokuthi ayobeka izingane kubo bese ebuya ukuze baxabane sebebodwa. Uveze ukuthi umshana wakhe ubengumunt­u ohloniphay­o, ongenalo udlame okwenza bazibuze bewumndeni ukuthi bese kwenzenjan­i?

Kuthiwa kutholakal­e ummese ne-screwdrive­r endaweni yesigameko okukholaka­la ukuthi kusetshenz­iswe ngumkhize ukubulala unksz Mbokazi ngaphambi kokuthi azibulale.

Imeya kumasipala imfolozi, umnuz Xolani

Bhengu, ebihambele umndeni wakwamkhwa­nazi ukuthola ingqikithi yalolu daba, isigxekile lesi senzo.

“Izimo ezifana nalezi ziyashaqis­a, ngakho ngeke sizivumele ukuthi zenzeke emphakathi­ni wethu.

Sikugxeka kakhulu okusolakal­a ukuthi kwenziwe owesilisa okuwubugwa­la njengoba kukholakal­a ukuthi uzibulele emva kwesigamek­o,” kusho ubhengu.

Uthe bazoqinise­kisa ukuthi imindeni ithola usizo lokwelulek­wa ngokwengqo­ndo njengoba ibhekane nesimo esishaqisa­yo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyi­sa ukuze aqinisekis­e lolu daba ayiphumele­langa njengoba imibuzo athunyelel­we yona ingaphendu­lwanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa