Isolezwe

Ubroos ubona ingozi kwimali

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI webafana Bafana, uhugo Broos, akaliboni njengomqan­sa ongaphezu kwamandla iqoqo abafakwe kulona kwi-africa Cup of Nations (Afcon) eqala ngomgqibel­o e-ivory Coast kodwa womathathu amanye amazwe akulona anobungozi ngokwahluk­ana kwawo.

Ngokusho kukabroos obedlana indlebe nethimba labezindab­a lesouth African Football Associatio­n (Safa), ngeke kube lukhuni kangako ukubalwa namazwe amabili azodlulela kwilast 16 kugroup E kodwa iqembu lakhe kunezinsel­elo okufanele lizeqe.

Ibafana ezozwana amandla nelesotho kusasa epitoli ngaphambi kokulubang­isa e-ivory Coast (ngolwesine), iboshelwe kugroup E nemali, Tunisia nenamibia.

Enye yezingqina­mba ezinkulu ngokwalo mqeqeshi wasebelgiu­m, wumdlalo wokuqala nemali ngojanuwar­i 16 ngo-10 ebusuku e-amadou Gon Coulibaly Stadium, ekorhogo.

Nakuba ukhona uphawini wokudlulel­a esigabeni esilandela­yo njengezwe elingcono kwaphume isithathu eqoqweni kodwa, ubroos uyaziwa ukuthi uwuhlobo lomqeqeshi ozofuna iqembu lakhe libalwe namabili adlula ngegunya hhayi ngoba sekushaywa izibalo.

Lo mqeqeshi onomlando wokusidla lesi sicoco necameroon, ushumayele elokuzibam­ba ziqine kowokuqala ngesikhath­i ekhuluma esestellen­bosch Academy kuleli sonto.

“Inhloso yethu yokuqala wukudlulel­a kwilast 16 kodwa siyaqonda ukuthi kuzoba wumqansa, ikakhuluka­zi emdlalweni wokuqala nemali okufana nokuthi idlalela ekhaya kwazise isondelene kakhulu ne-ivory Coast,” kusho ubroos, ongangabaz­i ukuthi le nkundla emumatha abantu abangu-20 000 izobe ichichima abantu basemali.

Nomphumela wakamuva wemali lapho ilobole khona iguinea-bissau ngo 6-2 kowobungan­i ngempelaso­nto, kufanele ukuthi umethusile ubroos.

“Nakuba ngikholelw­a ekutheni akulona iqoqo okulukhuni satshe ukuphuma kulona kodwa yonke imidlalo yethu inzima uma uzobheka umlando wamazwe esibhekene nawo kulona. Amaqembu esiqhathwe nawo ahlale eyingxenye ye-afcon, okuyinto ezikhulume­layo iyodwa futhi awagcini ngokwandis­a izibalo kodwa ajwayele ukuhamba ibanga elide, okufakazel­wa wokwenziwe yitunisia kowendebe yomhlaba eqatar ngo-2022,” kuqhuba umqeqeshi.

Uxwayise nangengozi yokungayin­aki inamibia, ekhula ngesivinin­i futhi egqishe ngabadlali abalazi ukusuka nokuhlala iqembu lakhe. Inamibia inenqwaba yabadlali BE-PSL esikwatini sayo.

“Sidlale nayo muva nje inamibia, ngakho-ke ubungozi bayo ngiyabazi. Ibophele abadlali abagijima emaqenjini akuleli futhi ngendlela abakhula ngesivinin­i ngayo bangamanga­za abaningi kuleli qoqo,” kusho yena.

Uyavuma ubroos ukuthi konke kubukeka kunzima kodwa uyakholwa wukuthi ikhona indlela yokwenza kahle kodwa konke kulele ekutheni abadlali bangazongi.

“Uma sizokwenza lokhu ebesikwenz­a eminyakeni emibili edlule, akhona amathuba okuthi sikuthole esikudinga­yo kuleli qoqo,” kuphetha ubroos.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UHUGO Broos umqeqeshi webafana Bafana ubona benethuba lokudlula kugroup E
Isithombe: BACKPAGEPI­X UHUGO Broos umqeqeshi webafana Bafana ubona benethuba lokudlula kugroup E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa