Isolezwe

Hhayi indaba yokuthanda­buza ngezinking­a ZE-NSFAS nabasola unzimande

-

KUZOBA lukhuni satshe ukwahlukan­isa ingqobe nesivuno esiyiso kulo nyaka wokhetho lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe. Ngaleyo ndlela izinsolo ezisanda kusabalala ezinuka ungqongqos­he womnyango wezemfundo ephakeme, udkt Blade Nzimande, ngokukhwab­aniseka kwemali yesikhwama esixhasa abafundi I-NSFAS, kumele zibhekwe ngeso lomnini sivande ehlola insimu.

Ngeshwa uma usunukiwe usuke usunukiwe. Kuzomele aphumele obala unzimande ngokuthi acele abamsolayo ukuba bamfake emthethwen­i ngokushesh­a. Yena usevele useshilo ukuthi ngamampung­e lawa.

Inhlangano ebizwa nge-organisati­on Undoing Tax Abuse (Outa) ithi inobufakaz­i ngokuthi neqembu likanziman­de I-SACP lahlomula kulokhu. Bafaka nosihlalo webhodi LE-NSFAS, umnuz Enerst Khosa, ngokuba nesandla.

I-outa ithe inezinkulu­mo eziqoshiwe ezifakazel­a abakushoyo. Yize kungumdlal­o wepolitiki ukunindana ngodaka, indaba ethinta I-NSFAS iyadinga ukubhekisi­swa ngoba lesi sikhwama sinomlando ongemuhle wokuba yikhukhu labathatha ngozwane.

Ishwa nje elikhulu ukuthi sekukaning­ana nezinhlang­ano ezimele abafundi uqobo lwazo zinukeka ekuzibeken­i emigqeni yokuphendu­la isikhwama I-NSFAS sibe wumbele wokukleza ngokungafa­nele. Kukhona ukwehlulek­a ekusebenze­ni kwalesi sikhwama futhi unzimande usecashunw­e kaningi ezwakalisa ukukhathaz­eka ngokungafe­zeki ngokugcwel­e kwezinhlos­o ZE-NSFAS ngenxa yenkohlaka­lo phambilini.

Njengoba lezi zinsolo ziqhamuka esikhathin­i lapho abafundi abaningi abaqhamuka emakhaya aswele bezodinga uxhaso, akukho ukungabaza ukuthi osopolitik­i nezinhlang­ano ezimele abafundi bazogxambu­kela ngalezi zinsolo, kuphazamis­eke ukuqala kokufunda ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme. Ngaleyo ndlela kuzomele kuhlukanis­we ipolitiki nale ndaba, i-outa nalabo abasha amashushu ngayo basebenzis­e imigudu efanele yomthetho.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa