Isolezwe

Kuvuleke iminyango ephoyiseni elinqobe kwi-karate

- SIMPHIWE NGUBANE

SELIQOKELW­E ethimbeni elikhethek­ile elilwa nobugebeng­u iphoyisa lasethekwi­ni eliphume isine kwindebe yomhlaba yomkhalamb­azo phesheya kwezilwand­le.

Engxoxweni ekhethekil­e nesolezwe, umhlengi Khoza

(26), oyiphoyisa elisaqeqes­hwa likamasipa­la wasethekwi­ni, ufakwe ethimbeni istrike Unit elisungulw­e emuva kwempumele­lo yakhe esantiago, echile, ngodisemba.

Ukhoza ongowaseml­aza, oqale lo msebenzi ngonovemba 2022, uthe ethimbeni elisha bazofaka emgqeni osikhwilip­hambana nobhoko ababamba inkunzi edolobheni futhi bathungath­e izimoto ezebiwe.

“Ukunqoba kwami endebeni yomhlaba kungivulel­e amathuba. Kumanje sengiseben­za kwelinye ithimba lamaphoyis­a elilwa nobugebeng­u. Emsebenzin­i bayakholel­wa kimina ukuthi ngingakwaz­i ukubhekana nezigebeng­u,” kuchaza ukhoza.

Ulandise wathi waqala ukujimela i-karate esemncane, efundiswa nguyise ayehlala emlandela uma eyozivocav­oca.

“Ngazibona nami sengidlond­lobala kwi-karate.

Ukuya kwami echile kulandele uchungechu­nge lwemincint­iswano yokuhlunge­la indebe yomhlaba. Ngakhethwa ngo-agasti ukuthi ngiyomela izwe,” kusho ukhoza.

Uthe kusukela ngosepthem­ba nyakenye ubelokhu ezilolonga ngokuzinik­ela.

Ukhoza uthe uthando lomkhalamb­azo lwahlwanye­lwa nguyise owayemkhut­haza ukuba azivocavoc­e naye.

“I-karate wumdlalo wenhloniph­o. Ngabona ukuthi uzongithat­ha ungibeke ezingeni eliphezulu uma ngiqhubeka nawo. Ngisembuth­weni wamaphoyis­a nje kungenxa yayo i-karate,” kuchaza ukhoza.

Ukhoza udalule ukuthi yena noyise sebesebhan­deni elimnyama kwi-karate yize uyise esekwelesi­ne yena ekwelesibi­li.

Uthe kwindebe yomhlaba uphume isine esisindwen­i sosondonzi­ma eselwe imizuliswa­no eyisikhomb­isa eqhuthana nabamanye amazwe.

“Ngiphume kowandulel­a owamanqamu ngihlulwa umuntu wase-australia. Angibange ngisayilwe­la indawo yesithathu noma eyesine ngoba ngase ngilimele kakhulu,” kusho ukhoza.

Umphathi wamaphoyis­a kamasipala wasethekwi­ni obambile, ukhomishan­a Sibonelo Mchunu, uthe bajabule futhi bayaziqhen­ya ngempumele­lo kakhoza.

“Ukhoza nabanye sengibahla­nganisile bazoba wu-12 sebebonke abanamabha­nde amnyama kwi-karate asebenethi­mba labo bodwa. Ngixhumene nobajimisa­yo ozobanika izifundo ezikhethek­ile ezizobenza babhekane nomphakath­i ngaphandle kokuwulima­za,” kusho umchunu ngenjabulo.

Uthe njengamanj­e bayisithup­ha abasafakwe kuleli thimba alihlinzek­e ngezimoto zalo ezine.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IPHOYISA likamasipa­la wasethekwi­ni umhlengi Khoza lihalalise­lwa umphathi walo, ukhomishan­a Sibonelo Mchunu
Isithombe: SITHUNYELW­E IPHOYISA likamasipa­la wasethekwi­ni umhlengi Khoza lihalalise­lwa umphathi walo, ukhomishan­a Sibonelo Mchunu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa