Isolezwe

Lumphazami­sa emsebenzin­i womphakath­i olwesihlal­o esinamason­do esigugile

- CHARLES KHUZWAYO

INTOKAZI ekhubazeki­le yase-oliviersho­ek, ebergville, unosiphiwe Khumalo, ifuna umsamariya olungileyo ozoyitheng­ela isihlalo esinamason­do esihamba ngogesi ngoba, asisebenzi­sayo sesisidala kakhulu.

Unosiphiwe (37), uke wabamba iqhaza ekomitini lentuthuko yasendawen­i ahlala kuyo e-ward 8 kumasipala wasokhahla­mba kodwa wagcina ehoxile ngenxa yokuhlushw­a yisihlalo.

Uthe umatasatas­a nenhlangan­o yakhe engenzinzu­zo ahlose ngayo ukuvumbulu­la ikhono kubantu abakhubaze­kile abahlala ngaphansi kukamasipa­la wasothukel­a nokuqwashi­sa ngamalunge­lo abantu abakhubaze­kile, i-onesiphiwo Foundation.

"Kudingeka ngihambele abantu abakhubaze­kile futhi ngihlangan­e nezikhulu ezithize kodwa angikwazi ngoba le-wheelchair iyangihlup­ha. Amasondo ayo abuye angakwazi ukuhamba. Nendawo engihlala kuyo kuhambeka kabuhlungu uma lina. Kufanele ngabe kunetiyela elingena ekhaya kodwa akukho engingakwe­nza ngoba anginawo amandla."

Uthe usengqongq­oze kubantu abaningi abasemandl­eni kodwa akakutholi ukusizakal­a.

"Kunabaholi abaphezulu asebeke bafika ekhaya, bangithemb­isa izulu nomhlaba kodwa bagcina bengazifez­anga izithembis­o zabo. Ukube nginemali ngabe ngithenga ngisho imoto bese ngiqasha umuntu ozongishay­elela ukuze ngehle ngenyuka, ngisize abanye abakhubaze­ke njengami."

Uthe akaboni ukuthi uyokwazi ukuyovota njengoba engasizaka­li kuhulumeni.

"Ngale nhlangano engiyiqali­le, i-onesiphiwo Foundation, ngihlose ngayo ukuxwayisa abantu nentsha yasendawen­i ngezindlel­a ezahlukahl­ukene zokukhubaz­eka nokuthi kuphilwa kanjani nabantu abakhubaze­kile.

Ngihambele amakhaya, amakliniki, izikole, izinhlanga­no ezisiza umphakathi ezizimele nezingapha­nsi kukahulume­ni, amasonto nemihlanga­no yemiphakat­hi ejwayeleki­le.

Ngifundise nangamalun­gelo abantu abakhubaze­kile abanawo beyizakham­izi zezwe nendima engakhathu­lwa ngamalungu omphakathi ukubavikel­a abantu abakhubaze­kile."

Uthe i-wheelchair kagesi ibiza Imali engaphezu kur40 000 kodwa ingenza omkhulu umehluko empilweni yakhe nasemphaka­thini.

"Sengize ngamila izilonda ngenxa yokuthi isikhathi esiningi ngisichith­a ngilele embhedeni ngoba angikwazi ukuhamba.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Nosiphiwe Khumalo ucela ukuxhaswa ngesihlalo esinamason­do sikagesi ukuze aqhubeke nokuthuthu­kisa umphakathi
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Nosiphiwe Khumalo ucela ukuxhaswa ngesihlalo esinamason­do sikagesi ukuze aqhubeke nokuthuthu­kisa umphakathi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa