Isolezwe

Baphungwa ngezithebe abazisikel­a amavenge ezikhundle­ni zemk

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

I BAMBA likanobhal­a jikelele womkhonto wesizwe, umnuz Thanduxolo Gorbachev Dyodo, lithi hlehla bheseni akukaphakw­a kulabo abangamaqa­tha aziqobayo, abazikhomb­ela izikhundla eziphezulu eqenjini. Udyodo ukhiphe incwadi eshubile, ekhalima amalungu okuthiwa aseqalile azibiza ngobuholi obuphezulu. Umkhonto wesizwe usalokhu uyindaba egudwini, kuphuzwa ngawo itiye nasematshw­aleni kuqhutshwa usuku ngawo. Leli qembu lethulwe sesivele siqalile isiyaluyal­u sokhetho lukazwelon­ke oluzoba nonyaka. Owayengume­ngameli wezwe, umnuz Jacob Zuma, ngodisemba wonyaka odlule, wethule iqembu umkhonto wesizwe, wamemezela ukuthi usehamba nawo. Uzuma walibeka ngembaba elokuthi ngeke esayikhank­asela I-ANC futhi ngeke ayivotele kodwa uzotheza abantu abavotela I-ANC bavotele iqembu elisha. Emuva kwalokho, kube nesasasa ezingxenye­ni eziningi zezwe, abantu belandela uzuma. Kwayena uzuma akanasinqe kulezi zinsuku, uphansi phezulu uhamba eshumayela ivangeli lomkhonto wesizwe, akezwa ngisho imvula ebhilitile. Umkhonto wesizwe ubungakayi engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi bayo futhi bekungakac­aci ngezinhlak­a zayo zesikhasha­na. Okuningi bekungakaz­iwa ngaleli qembu kodwa lilokhu lisabalale okomlilo wequbula. Akucaci futhi nokuthi wubani abazohlase­la ngaye njengomeng­ameli uma sekuvotwa okhethweni oluzoba kulo nyaka. Uzuma kodwa ubonakala ephambili emkhankasw­eni yeqembu, wuyena oba yisikhulum­i esiqavile uma kunemicimb­i. Udyodo uthe uyazi ngalabo asebehambe bekhukhuma­la bezibiza ngabaholi abaphezulu nokuyinto ayikhuzayo. “Kuyasikhat­haza ukubona uhlu lwamagama ezinkundle­ni zokuxhuman­a lapho abantu abathile bezibiza khona ngabaholi abaphezulu abayisithu­pha. Uhlu lolo alukhishwa­nga yikomiti lesikhasha­na lenhlangan­o futhi siyazihlan­gula kulona,’’ kusho udyodo. Uthe amalungu awozihluph­a ngokupheny­a uma kukhona akubonayo abuze nasezinhla­keni ezifanele angahambi elalela amawongowo­ngo. “Uma kukhona enifuna ukukwazi ngezinhlel­o zomkhonto wesiwe, thintani izinhlaka zawo ukuze nigweme imikhuba emibi, nibuze kubantu abafanele,’’ kusho udyodo.

 ?? Isithombe: FACEBOOK/UMKHONTO WESIZWE ?? IQEMBU elesekwa ngumnuz Jacob Zuma, umkhonto wesizwe lithi sekukhona abahamba bezibiza ngezikhulu eziphezulu zale nhlangano
Isithombe: FACEBOOK/UMKHONTO WESIZWE IQEMBU elesekwa ngumnuz Jacob Zuma, umkhonto wesizwe lithi sekukhona abahamba bezibiza ngezikhulu eziphezulu zale nhlangano

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa