Isolezwe

Ngeke ngehle esikhundle­ni: Nzimande

- SABELO NSELE

U NGQONGQOSH­E wemfundo ephakeme, udkt Blade Nzimande, obhekene nezinsolo zokukhwaba­nisa imali yesikhwama sokuxhasa abafundi, INSFAS, uthe ngeke ehle esikhundle­ni. Unzimande uthe usazoqhube­ka nokuqhoqho­bala isikhundla sakhe yize banda abahlaba ikhwelo lokuthi akehle esikhundle­ni. Ikhwelo lokuba unzimande ehle esikhundle­ni liqale emva kokuba inhlangano elwa nenkohlaka­lo, i-organisati­on Against Tax Abuse (OUTA), yenze izinsolo zokuthi unzimande nosihlalo webhodi LENSFAS, umnuz Ernest Khosa, bagwazelwa yizinhlang­ano ezahlomula ngamathend­a KWINSFAS. Le mali kuthiwa yakhokhela NESACP. Unzimande uthe izinsolo ZE-OUTA azinabo ubufakazi, wathi ziyimizamo yokudicile­la phansi isithunzi sakhe. Lokhu ukusho ngesikhath­i ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a, izolo. “Ngeke ngehle esikhundle­ni. Kungani kufanele ngehle esikhundle­ni? Ongqongqos­he bahlezi baqanjelwa amanga. Uma kukhona umuntu ongisola ngenkohlak­alo, akeze nobufakazi. Ngifuna ubufakazi obuzokhomb­isa ukuthi imalini engiyihlom­ulile, nokuthi imalini engiyinike­ze ISACP. Angisiboni isidingo sokuthi ngisule esikhundle­ni. Ngizoqhube­ka nomsebenzi wami.” Unzimande uthe ubengakalu­xoxi nomengamel­i, umnuz Cyril Ramaphosa, lolu daba. “Ngebhadi umengameli umatasa kakhulu empumalang­a lapho kulungisel­wa khona umcimbi WE-ANC.” Unzimande uthe uzovela phambi kwekomiti elibhekele ubuqotho kwi-anc kanye nakwisacp. “Ngithathe isinqumo sokuthi ngivele phambi kwala makomiti ngoba akukho engikufihl­ayo. Ngifuna ukuyophend­ula yonke imibuzo. Ngizobambi­sana nanezinye izinhlaka zomthetho okubikwe kuzo lolu daba.” Unzimande uthe abameli bakhe basacubung­ula ukuthi isiphi isinyathel­o sezomtheth­o abazositha­tha. “Okwamanje angikanqum­i ukuthi ngizothath­a siphi isinyathel­o. Mhlawumbe into yokuqala esizoyenza ukuphoqa I-OUTA ukuba isinikeze bonke ubufakazi ethi inabo.” I-OUTA ithe ihlela ukuvulela unzimande icala emaphoyise­ni, yathi ifuna nokuthi ihhovisi lomvikeli womphakath­i liphenye lolu daba. Ngakulunye uhlangothi IDA yona ifuna ukuthi unzimande aphenywe uphiko oluphenya amacala enkohlakal­o, ispecial Investigat­ing Unit (SIU). Umholi weda, umnuz John Steenhuise­n, uthe bazobhalel­a uramaphosa, bamcele ukuba agunyaze ISIU ukuba iphenye izinsolo ezibhekene nonzimande. Ukusho lokhu ngesikhath­i ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a, lapho ebephawula khona ngezinyath­elo abazozitha­thela unzimande. Usteenhuis­en ubize uramaphosa ngegwala, wathi ngeke amxoshe unzimande ngoba uyesaba. “Izwe libhekene nezinkinga nje ingoba liphethwe igwala. Kule minyaka eyisithuph­a uramaphosa ephethe, uyasaba ukuthatha izinqumo. Okubalulek­ile kuyena ukuvikela isikhundla sakhe nokuthi anganyathe­li abantu abathize amakhona.” ISACP ikuchithil­e ukuthi yahlomula ngemali eyabelwe ukuxhasa abafundi. Okhulumela ISACP, udkt Alex Mashilo, uthe I-OUTA ayizange ibanikeze ithuba lokuthi baphawule ngesikhath­i iqhuba uphenyo.

 ?? ?? UNGQONGQOS­HE wemfundo ephakeme, udkt Blade Nzimande, ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a Isithombe: SITHUNYELW­E
UNGQONGQOS­HE wemfundo ephakeme, udkt Blade Nzimande, ngesikhath­i ekhuluma nabezindab­a Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa