Isolezwe

Bafuna abhadle ejele oboshelwe ukubulala intombi

- ZIMBILI VILAKAZI

ULINDELE lukhulu emantshini umndeni wowesifaza­ne wasedondot­ha, empangeni, ogwazwe yisoka lakhe, wafa ngenyanga edlule. Lokhu kwenzeka emjondolo ekenville, ethekwini, kanti izolo umsolwa uvele okokuqala enkantolo.

Umsolwa (44) ubhadanywe ngamaphoyi­sa esenyangen­i yasentaban­kulu e-eastern Cape ngolwesihl­anu. Kuvela ukuthi ubebhace kulesiya sifundazwe njengoba engowokuza­lwa khona.

Kuthiwa uficwe eqimbile nommese, okusolwa ukuthi wabulala ngawo umufi, unksz Zama “Girlie’’ Mthembu.

Umfowabo kamufi, umnuz Msizi Mthembu uthe: “Sengathi imantshi ingenza okufanele, agwetshwe lo muntu.”

Uthe yize bazi ukuthi ngeke ahlale ejele unomphelo kodwa uma enikwe isigwebo esifanele, uyobe ujezile ngakwenze kubona ngoba ijele aliyona indawo emnandi.

“Lokho kokwenza ukuthi nathi sixole,” kusho yena.

Uthe uyabajabul­isa umsebenzi wamaphoyis­a kuleli cala, futhi uyakholwa nokuthi nodadewabo lapho ekhona ugculiseki­le.

Umbiko kadokotela ohlola izidumbu kuthiwa uveze ukuthi umufi wagwazwa amanxeba angu-25.

Umufi kuthiwa wazidonsel­a amanzi ngomsele kumsolwa ngokumala.

Kuthiwa ubudlelwan­e babo babungebuh­le njengoba umufi ayehlale ewukudla kwenduku, eseze waba nezibazi umzimba wonke.

Ngosuku lwesigamek­o kuthiwa umufi wayephuma endlini yomngani wakhe ebheke kweyakhe, endleleni wazithela kule ndoda, okwathi uma eyitshela ukuthi akasayifun­i, yazama ukumhudula yamshaya.

Kwavela ukuthi ababekhona bamshaya umsolwa bedinwa wukuthi uhlukumeza umuntu wesifazane.

Kuthiwa wabaleka, umufi yena waphindela endlini yomngani, okuthe esamzekela ngokwenzek­ile, umsolwa wagulukude­la kuyo wamgxavuna, waqala wamgwaza.

Kwavela ukuthi wayemgwaza kubuka izingane zikamngani wakhe ezimbili ebezihleli embhedeni, ezineminya­ka ephakathi kweyisithu­pha neyishumi.

Icala liyabuyela enkantolo yemantshi yasethekwi­ni ngesonto elizayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa