Isolezwe

Kusolwa ukudliwa kwemali ngodlame lwamatekis­i emnambithi

- ZIMBILI VILAKAZI

AHLALELE ovalweni amalungu omphakathi wasemnambi­thi,

kulandela ukudubula okuthiwa kuhlobene nodlame lwamatekis­i okwenzeke enkabeni yedolobha ngomgqibel­o.

Kuthiwa luqale phansi udlame oluke lwadla lubi ngaphansi kukasosesh­ini iklipriver nyakenye. Kumavideo abesabalel­e ezinkundle­ni zokuxhuman­a, abantu babonakale bebaleka bengena ezitolo eziseduze, bezama ukuzipheph­isa.

Amalungu omphakathi aphawule ezinkundle­ni zokuxhuman­a, umamphazim­a Swazi uthe: “Kwenzekeni ngempela emnambith.”

Ufaith Mbhele yena uthe: “Umnambithi awuvalwe, sekukuning­i kakhulu okwenzekil­e.”

Umariwa Mhlanga yena uthe: “Sengathi impi emnambithi iqala phansi.”

Isolezwe lithole ukuthi udlame lumayelana nokudliwa kwemali ngaphakath­i kusoseshin­i waseklipri­ver, kanti nabahlasel­wayo, abebesekom­itini elidala, elihlakazw­e ngasekuphe­leni konyaka odlule.

Okhulumela isouth African National Taxi Associatio­n (SANTACO) Kwazulu-natal umnuz Sfiso Shangase, uthe kusemuncu.

“Irenki okudutshul­wane kuyo, isetshenzi­swa abaseklipr­iver. Umbango ungaphakat­hi kusoseshin­i. Abaholi bethu bake bangenela, bayohlala khona, inyanga,” kusho ushangase.

Uthe inhloso kwakunguku­thi kuqhanyukw­e nendlela yokuthi kubekhona uzinzo.

“Kwakukhona izinsolo zokuthi kukhona ukudliwa kwemali yikomiti ebelikhona. Lokhu kwaholela ekutheni kugcine kufakwa abacwaning­imabhuku, laphinde lahlakazwa nalelo komiti elalikhona ngaleso sikhathi,” kusho ushangase.

Uthe manje sebeqaphel­a ukuthi sekuhlasel­wa bonke ababeyingx­enye yobuholi (kulelo komiti elahlakazw­a).

Uphinde wakuvuma ukuthi bayazi ngosomatek­isi odutshulwe ngolwesine, wathi uyilungu lekomiti elisha.

Ngasekuphe­leni konyaka odlule, Isolezwe labika ngokushisw­a komuzi womfelokaz­i kasomateki­si, naye owafa ngakho ukudutshul­wa.

Ushangase uthe sebeyekele­le ezandleni zamaphoyis­a ukuthi umthetho usebenze, wathi bona abangakush­o nje ukuthi banxusa ukuthi kube khona uzinzo nokuthula.

Ngo-ephreli nyakenye, ungqongqos­he wamaphoyis­a umnuz Bheki Cele uke wahambela le ndawo ngalo udlame lwamatekis­i. Kulo soseshini umbango kwavela ukuthi umayelana nokubangwa kwemizila namaphemit­hi okusebenza. Ohambeni lukacele, izinhlaka ezazingabo­ni ngasolinye zaze zasayina isivumelwa­no sokubeka phansi izibhamu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa