Isolezwe

Ukapinga usafuna ukulwela ijezi kwipirates

- ZAKHELE XABA

USAZIMISEL­E ukulwela ijezi kwi-orlando

Pirates ulesedi Kapinga, olizwa ngendaba ijezi kwezimnyam­a. Ukapinga ujoyine ipirates emuva kokwenqaba ukusayina inkontilek­a entsha kwimamelod­i Sundowns ekupheleni kwesizini edlule.

Ufike kwezimnyam­a wabhekana nobunzima bokuthola isikimu ngaphansi komqeqeshi ujose Riveiro. Ngesikhath­i eseqala ukusithola uhlaselwe wukulimala. Ezinyangen­i ezedlule, uriveiro ukuqinisek­isile ukuthi ukapinga useluleme ngokugcwel­e. Nokho uvalwe unyaka ka-2023 engabonaka­li esikimini. Njengoba kuvulwe iwindi likajanuwa­ri lokubhalis­a abadlali lepremier Soccer League (PSL), kuqubuke izinkulumo zokuthi ukapinga ufuna ukubolekis­wa. Inkinga yokweqiwa yijezi iyona ebalekise ukapinga kwisundown­s ahlale kuyona iminyaka emithathu.

Imenenja kakapinga, umoses Mudau, ithe lo mdlali usafuna ukuhlala kwipirates.

“Ukapinga akayindawo futhi ujabule kwipirates. Ubekade elimele kodwa manje usebuyele esimweni. Abaphathi nabaqeqesh­i bayamthand­a. Okwamanje iqembu alikaze liyikhulum­e indaba yokuboleki­swa. Uzimisele ngokuhlala alwele indawo yakhe esikimini sepirates. Ukapinga ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi uyahlonish­wa kwipirates. Nginethemb­a lokuthi kusukela uma kubuya imidlalo uzodlala. Abakwazi ukumboleki­sa njengoba iqembu lingenzi kahle okwamanje,” kusho umudau.

Kwipirates, ukapinga ubanga indawo nabadlali abahlukene okukhona kubona uthembinko­si Lorch, Vincent Pule, Kermit Erasmus, Kabelo Dlamini, Karim Kimvuidi nabanye. Emidlalwen­i yakamuva, umqeqeshi ujose Riveiro uqoke ukudlalisa ulorch nokimvuidi osayine ekuqaleni kwesizini esuka kwimaritzb­urg United. Ipirates ivale unyaka ka-2023 isendaweni yesihlanu kwi-log yedstv Premiershi­p ngamaphuzu angu-25 emuva kwemidlalo engu-16. Emdlalweni wokuvala unyaka, yehlulwe yistellenb­osch ngo 3-2 ikade isihamba phambili ngo 2-0.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI wasesiswin­i we-orlando Pirates, ulesedi Kapinga, akazimisel­e ngokubolek­iswa phezu kokuba elizwa ngendaba ijezi
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI wasesiswin­i we-orlando Pirates, ulesedi Kapinga, akazimisel­e ngokubolek­iswa phezu kokuba elizwa ngendaba ijezi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa