Isolezwe

Sizovalwa ubettina Wethu isikhala somdlalo unikiwe

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKHONJWA esiteshini sakwa-e.tv umdlalo ubettina Wethu ozakhele igama amasizini amathathu KWISABC nozovala isikhala somdlalo inikiwe.

Ukungenzi kahle kwalo mdlalo obukhonjis­wa ngomsombul­uko kuya kulwesihla­nu, kwenze waqedwa njengoba muva nje kuvele nezinkinga zokuthi kudliwa imali kuwo futhi nabalingis­i abaholi.

Abakwa-e.tv baveze ukuthi bakujabule­le ukwamukela lo mdlalo oqala namhlanje kulesi siteshi ngo-6.30 ntambama.

Uleo Phiri ongomunye wophrojusa balo mdlalo okhiqizwa inkampani iknown Associates Entertainm­ent, uthe bakujabule­la ukuthola ikhaya elisha wangazicha­za izizathu ezibenze bathatha lesi sinqumo.

“Lo mdlalo ujabulisa abantu abaningi kakhulu kuleli, ikakhulu intsha. Lobu budlelwano esibuqala manje nalesi siteshi siyakholel­wa ukuthi buya kude futhi buzothela izithelo ezinhle. Ngakho kuyasijabu­lisa ukuphinde sethule isizini entsha ebingeke ke ibe yintsha uma bungekho ubuso obusha kuwo njengoba sethulela ababukeli bawo abalingisi okukhona kubo uprince Grootboom ozolingisa indawo kaxhanti no-amanda Semone yena ozobe elingisa indawo kakhethiwe Phakade,” kusho uleo.

Uthe uxhanti ungowesili­sa omuhle, owakhiwe kahle futhi oyisifundi­swa esisezinge­ni eliphezulu.

“Uphuma ekhaya elimi kahle uma kuziwa ngakwezezi­mali njengoba umndeni wakhe uthe shi kwipolitik­i futhi waziwa emkhakheni wamabhizin­isi e-eastern Cape.

“Ngakolunye uhlangothi, ukhethiwe ungowesifa­zane okholelwa ekutheni angashints­ha abantu abaningi ukuthi bathande into ethandwa nguye. Wenza kahle emkhakheni wezokukhan­gisa akuwona futhi uzibona eyingozi kwabanye ontanga yakhe. Sijabula nababukeli ke ngoba bazozibone­la ukuthi laba bobabili baphetheni,” kuchaza yena.

Uthe abalingisi abafana nolunga Tshabalala basabuya kulo mdllao nabanye ababonakal­e kumasizini adlule.

 ?? ?? U-PRINCE Grootboom ozolingisa indawo kaxhanti emdlalweni ubettina Wethu osuthuthel­e kwi-e.tv kusukela namhlanje ISITHOMBE: SITHUNYELW­E
U-PRINCE Grootboom ozolingisa indawo kaxhanti emdlalweni ubettina Wethu osuthuthel­e kwi-e.tv kusukela namhlanje ISITHOMBE: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa