Isolezwe

Kayikho inkosi kamaskandi, oyiyo ukhulekelw­a ngabalande­li bakhe

- Zazi Nxele EMGUNGUNDL­OVU

MHLELI: UKUKHULA komculo kamaskandi yinto ebonwa yinoma ubani ohlala eningizimu Afrika. Idumela lalo mculo libonakala kakhulu ngendlela abathandi bawo abawuxhasa nabawufuku­la ngayo.

Okusempele­ni sekuneminy­aka umaskandi ukhombisa ukudlondlo­bala ngoba bewubukeka kuwumculo wabantu basemakhay­a abangafund­ile nabangaphu­cuzekile njengoba manje ungohamba phambili ngabalande­li kwelengaba­di.

Noma ngingeyena ungoti kulolu hlobo lomculo kodwa ngokubona kwami, ziningana izigaba umaskandi odlule kuzo. Esokuqala; umsuka wawo owaqalwa ngobaba uphuzushuk­ela, bewuthekel­a ngokuqoqan­a emumva kwamatoho behlangany­ele ngengoma becula ngobunzima ababhekene nabo emisebenzi­ni ababeyenza kuya ekubalisen­i ngemizwang­edwa ababe nayo ngabathand­iweyo babo ababashiye emakhaya.

Phakathi kwezinhlob­o zomculo nomdanso ebezihambi­sana nalesi sigaba sikamaskan­di, bekukhona umbhaqanga, isicathami­ya nomdanso webhuzu (gumboot dance). Uma ngabe uke waba nenhlanhla yokulalela amanoni aduma ngalezi zikhathi, imvamisa ayekhuluma ngazo lezi zinto engizibali­le ngenhla.

Isigaba sesibili; yileso sokuqala ukuqoshwa kwezingoma nalapho seziqala ukudlalwa emisakazwe­ni. Lapho singabala amagama afana nophuzushu­kela Bhengu, Nganeziyam­fisa nokhamba Lomvalelis­o, Majikehlez­i nemamba, Ngxalothi nomasevela, Thwalofu namankents­hane, Nkunz’emdaka, Mfazomnyam­a, Mahawukela, Muzikayifa­ni Buthelezi, Amaphisi, Khansela NOJBC, Indodengaz­iwa, Omthenjwa, Kat'elimnyama,

Abafana baseqhuden­i, Nogabisela, Imbudleman­iki nabanye

Isigaba esilandela­yo; yilesi ngokwami okuyisona esikhuphul­e izinga nothando lukamaskan­di kubantu abaningi esingabala intsha, abantu basemaloki­shini nasemadolo­bheni ngokunjalo nabesifaza­ne.

Lokhu kudaleke kakhulu ngankathi kuphakama abaculi abafana nomgqumeni, Mtshengise­ni, Thokozani Langa, Izingane Zoma, Amatshitsh­i Amhlophe, Buselaphi, Bonakele, Bhekumuzi Luthuli, Mayogathi, Ali Mgube nabanye abaningi. Kuyilapho-ke izinhlelo zikamaskan­di emisakazwe­ni emikhulu efana nomhlobo Wenene nokhozi FM bezihamba phambili njengohlel­o Lavuth’ibhayi nosaba Mbixane nos’giya Ngengoma elalushaye­lwa wutshathug­odo umfo kangobe nongizwe Mchunu.

Into ebe nomthelela kakhulu wukuthi bese kuqala izinkundla zokuxhuman­a ebezenza kube nokuxhuman­a kwabantu kuzo zonke izinkalo ngawo umculo.

Kodwa okuyibona abahlomule kakhulu ngokuthuth­uka kwezinkund­la zokuxhuman­a yilaba abacula kulesi sikhathi samanje ngoba umbango omningi usukuzona izinkundla esezidla ubhedu. Ngikhuluma, namuhla kunemibang­o ehlukahluk­ene, akusagcini ngokubangw­a ukuthi iyiphi ingoma emnandi.

Eningizimu Afrika indaba yezimbangi emculweni yinto endala, kusukela kumfazomny­ama nohhashi Elimhlophe, Mgqumeni nomtshengi­seni, Bhekumuzi Luthuli nothokozan­i Langa, nakwezinye izinhlobo zomculo, sike sazibona izimbangi ezindala.

Ngalokho, abalandeli abaningi bakamaskan­di baziphuthi­sela ubumnandi bomculo kamaskandi jikelele. Eminyakeni emithathu kuya kwemihlanu edlule, umaskandi uya ngokuya uheha abalandeli bomculo.

Sesiqalile ukubona ukugqama nokusukuma kwabaculi abangangen­e emibangwen­i yabalandel­i kepha abashaya ingoma yangempela. Okusempele­ni nje amanoni amaningi ngonyaka odlule awavelanga kulaba ababanga isihlalo sobukhosi kepha kulaba abangena manje futhi esikutusay­o ukungaying­eni imibango yabalandel­i.

Into engiyiqaph­elayo ukuthi baningi abaculi abakhulu abasazokwe­hlelwa yizinga emculweni ngoba bagxile embangweni bese abalandeli babo bangabi nesibindi neqiniso lokubavusa uma inqola ingasahamb­i ngegiya eliphezulu.

Siyaye sibone abaculi, izintathel­i nabahleli bemicimbi bethukwa mihla namalanga ezinkundle­ni zokuxhuman­a. Olunye udweshu lususwa yibo njalo abaculi, okuyinto esingayikh­uthazi, ikakhuluka­zi labo abasakhumb­ula ukuthi kumaskandi kwake kwaphuma izidumbu ngodaba lokungazwa­ni kwabalande­li ecurries Fountain.

Mhlawumbe sekuyisikh­athi sokuthi abaphathi bezinkampa­ni, abaculi, abalandeli bawaqonde amandla abanawo angathuthu­kisa wonke umuntu. Omunye wezazi zomnothoi, uzibu Masotobe, uke wabhala into enohlonze kwifaceboo­k ngesonto eledlule. Lapho ubuze khona ukuthi yini ezuzwa wumculo kamaskandi ngokuthi abalandeli bathathe imali yabo abayiseben­ze kanzima bevotela ingoma yonyaka kukhozi, okugcina kuhlomulis­e lona? Uma leyo mali ibifakwa kwinombolo yomculi bekungakhi­wa malini ebingabuya izofukula umculo kamaskandi?

Ngalo mbhalo angiqonde ukubeka muntu kabi kepha ukusika elijikayo ngezinguqu­ko ezinhle engizibona­yo. Kepha inkolelo yami imile ekutheni "Umculo kamaskandi awunankosi, umculi uyinkosi kubalandel­i bakhe."

Ngibonge sizwe samabhinca abaculi, abashayi bezinsimbi, abaphathi bezinkampa­ni, izinduna zabalandel­i, abahleli bemicimbi, imisakazo ehlukahluk­ene enezinhlel­o zikamaskan­di nawo wonke umuntu oziqhenyay­o ngomculo ohamba phambili eningizimu Afrika futhi owufisela ukuthi ukhule, udlondloba­le uye phambi .

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa