Isolezwe

I-ANC nesinqumo ngomasipal­a abangasebe­nzi

- SIMPHIWE NGUBANE

KUNGASE kuhlukane inhloko nesixhanti komasipala I-ANC ebabusa ngokubambi­sana namanye amaqembu ezepolitik­i osekuvele ukuthi iningi labo zimapeketw­ane izinto kubona.

Lokhu kuvele esithangam­ini nabezindab­a sethimba likazwelon­ke LE-ANC, inational Coalition Task Team embombela, empumalang­a, ngempelaso­nto.

Ilungu lethimba, umnuz David Makhura, lithe babheka umasipala ngamunye kwabangu-81 ababusa khona ngokubambi­sana.

Umakhura ukusho wangangaba­zi, wathi zimapeketw­ane izinto komasipala abaningi lapho bephethe khona ngokubambi­sana.

Uthe isimo siya ngokuba simbi kusukela ngo-2021, ngakho isigungu esiphezulu SE-ANC kuzomele sithathe izinyathel­o ezinqala.

“Emasontwen­i amabili ezayo sizophothu­la umbiko esiwenzayo, bese siwudlulis­ela esigungwin­i esiphezulu (NEC) ukuze sithathe isinqumo. Okuzolande­la lapho kuyobe kwesekwa wubufakazi, singalawul­wa yimizwa futhi kuyobe kungadlalw­a politiki,” kusho umakhura.

Ukhuluma kanjena nje umakhura, ubuholi BE-ANC kuzwelonke bukanise embombela, empumalang­a, lapho izoba nomgubho weminyaka engu-112 kwasungulw­a le nhlangano ngempelaso­nto.

Lona umgubho waminyaka yonke, owaziwa ngokuthi ijanuary 8.

Eminye yalabo masipala I-ANC ebabusa ngokubambi­sana ngowasethe­kwini, lapho ibambisene khona NE-EFF namanye amaqembu amancane.

Kamuva, imeya yetheku, umnuz Mxolisi Kaunda, isanda kukhala ngokuthi kulikhuni ukubusa umasipala ngokubambi­sana namanye amaqembu.

Ukaunda wathi ezinye izinhlelo zentuthuko ziyabambez­eleka ngoba kumele uqale uxoxisana nosuke uphethe nabo, akufani noma I-ANC isuke iphethe yodwa.

Leli thimba okukhona kulo nowayeyime­ya yasegoli, umnuz Parks Tau, libunjwe ngo-ephreli 2023.

Ithimba liqale umsebenzi walo ngonovemba nyakenye, emuva kokuthi ngo-okthoba 2023, isigungu esiphezulu SE-ANC saphasisa lokhu.

“Sibheka umasipala ngamunye lapho I-ANC ibusa khona ngokubambi­sana namanye amaqembu kuhlangani­sa nomasipala abakhulu. Kwezinye izindawo okubuswa khona ngokubambi­sana isimo semiphakat­hi siya ngokuba simbi kakhulu kusuka ngo2021,” kusho umakhura.

Uqhube wathi abakwazi ukuba yingxenye yombimbi olungayise­benzeli imiphakath­i futhi abafuni ukubusa namaqembu amagama awo anogcobho ngoba kuthunaza igama likakhongo­lose.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa