Uzuma nomkhonto bashukumise izinto
OWAYENGUMENGAMELI, ujacob Zuma, neqembu alikhankaselayo, umkhonto wesizwe, bashukumise isimo njengoba bebe nemicimbi ebithe chithi saka ngempelasonto.
Uzuma ukhankase ezifundazweni ezintathu kanti amalungu omkhonto wesizwe abe nemicimbi eminingi ezindaweni ezehlukene.
Uzuma uqale esifundazweni igauteng, ngolwesihlanu, lapho ebemenywe khona i-all African Alliance Movement.
Ngomgqibelo ube esedlulela esifundazweni impumalanga, lapho ethule inkulumo phambi kwabalandeli bomkhonto wesizwe abebegcwele etendeni.
Izolo uphethe impelasonto ngokuhlangana nezinkumbi zamalungu omkhonto wesizwe enewcastle, emadadeni.
Ngaphandle kwalezi zindawo ezihanjelwe uzuma, ibikhona eminye imicimbi ebihlelwe amalungu omkhonto wesizwe.
Izolo amalungu omkhonto wesizwe abe nenhlabaluhide yezimoto elokishini Kwamashu, ephelele enkundleni yezemidlalo iprincess Magogo.
Kume yonke into emgwaqweni umalandela ngesikhathi kudlula inhlabaluhide yamalungu omkhonto wesizwe.
Amalungu omkhonto wesizwe abe nenye inhlabaluhide ehammarsdale, ngomgqibelo.
Uzuma wamukelwe ngenhlokomo kuzo zonke izindawo azihambele kule mpelasonto.
Uzuma uqhubekile nokuhlasela ubuholi BE-ANC ngesikhathi ekhuluma namalungu omkhonto wesizwe.
Uthe okwenze ukuthi akhethe ukungayikhankaseli I-ANC ukuthi uselahlekelwe ithemba ebuholini obukhona.
“Abantu bebesitshela ukuthi ngeke bayivotele I-ANC uma kusaphethe lobu buholi obukhona. Inkinga ekhona kwianc ukuthi asinikezwa ithuba lokuthi sizwakalise imibono yethu.”
Uzuma uthe ubuholi obukhona kwi-anc abukhethwanga ngoba nakhu buthandwa ngabantu, wathi kwathengwa amavoti engqungqutheleni yokukhetha ubuholi.
“Ukuthengwa kwamavoti kwi-anc sekuyinto nje engaselona ihlazo. Imali uyibona idlula kanje, kuthiwa nansi lapha.”
Uzuma ukhale ngendlela yokuvota athe kufanele ishintshwe.
Uthe kuyasolisa ukuthi emva kokuvota amavoti angabalwa kubona wonke umuntu, wathi kunezinsolo zokuthi kuzoshintshwa indlela yokubala ukuze ivune iqembu angazange aligagule ngegama.
“Kanti iqiniso liphi na? Mhlawumbe ngoba kuthiwa umbuso wentando yeningi unelungelo lokushintsha imithetho, mhlawumbe kufanele sishintshe indlela yokuvota. Yini le eyenza ukuthi ukuvota kube imfihlo engaziwa umuntu? Yini amavoti abantu angabalwa kubona wonke umuntu? Mhlawumbe kufanele siyishintshe indlela yokuvota.”