Isolezwe

Ufisa kunyuke ukuzethemb­a kubadlali bechiefs

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UMQEQESHI obambile kwikaizer Chiefs, ucavin Johnson, unethemba lokuthi amawini amathathu asebawatho­le kulandelan­a kwidstv Premiershi­p, azofaka amaphiko kubadlali okuzogwema ukuthi bavumele ukugitshel­wa abanye abafana emakhanda njengoba bekwenzeka ngasekuqal­eni kwesizini.

Lo mqeqeshi obanjiswe ngoba kuxoshwe umolefi Ntseki, utshele abezindaba abenesitha­ngami nabo emuva komdlalo werichards Bay FC, ukuthi ngasekuqal­eni kwesizini iqembu lakhe belivumela amanye ukuthi aligibele ekhanda.

Emidlalwen­i emithathu yechiefs edlule isiqoqe amaphuzu agcwele kwimoroka Swallows, Polokwane City nerichards Bay ngaphandle kokungenel­wa igoli.

Nakuba kubukeka kukuhle konke, nobruce Bvuma ekhombisa izimpawu zokuwulung­ela umsebenzi ezintini, ujohnson ukholelwa ekutheni ichiefs ayikabi ilokhu akufunayo.

“Obekusobal­a ngechiefs ngasekuqal­eni kwesizini ukuthi ibivumela amaqembu azenzele kuyona ngendlela athanda ngayo,” kusho ujohnson.

“Kunezinga lechiefs engike ngakhuluma ngalo ngesikhath­i ngithatha umsebenzi. Lelo zinga ileli esiphupha ngalo ngoba kulapho izinto zizobe sezihlange­ne ngale ndlela yokuthi kuyobe sekuyithin­a esigibela emakhanda amanye amaqembu.

“Ngiyazi ukuthi kuzosithat­ha isikhathi ukuthi sifike lapho kodwa nginethemb­a lokuthi la mawini amathathu esiwathole elandelana azofaka abadlali izimpiko, bazibone ngendlela okufanele ngabe bazibona ngayo (abadlali beqembu elikhulu ichiefs),” kuqhuba lo mqeqeshi.

Uyakwazi ujohnson okufanele bakwenze ukuze iqembu libuyele esicongwen­i kodwa futhi uyaqonda ukuthi ngeke kube into ezoshesha ukwenzeka.

“Mina nomkami sazana ukusuka nokuhlala ngoba sesinesikh­athi sindawonye ngakho-ke siyakwazi okufanele sikwenze ukuze abadlali bechiefs bafike kulelo zinga lokwazana nokwethemb­ana ngaleyo ndlela.

“Ukuxhumana okunjalo kumqoka kubadlali beqembu elikhulu njengechie­fs ngakho-ke kusezandle­ni zethu ukufika kukona ngoba siyakwazi okufanele sikwenze.

“Kumele kube ithina esithwalis­a kanzima amaqembu ngoba siyichiefs, hhayi ukuthi kwenzeke ngenye indlela.

“La mawini kufanele asebenze njengomjov­o ukwenza abadlali baqale bahambele phezulu ngoba ukuzethemb­a kwabo ikhona okuzobuyis­ela iqembu endaweni eliyifanel­e,” kuphetha ujohnson.

Ichiefs elele isithupha kwi-log ngamaphuzu awu-21 emidlalwen­i ewu-15.

Izosonga unyaka ngokubanga amaphuzu amathathu nesekhukhu­ne United ngomgqibel­o ngo-8 ebusuku, epeter Mokaba Stadium, epolokwane.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UCAVIN Johnson umqeqeshi wekaizer Chiefs, akafuni bawudedele umgqigqo wokunqoba abahamba ngawo kwidstv Premiershi­p
Isithombe: BACKPAGEPI­X UCAVIN Johnson umqeqeshi wekaizer Chiefs, akafuni bawudedele umgqigqo wokunqoba abahamba ngawo kwidstv Premiershi­p

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa