Isolezwe

Iswallows engozini yokujezisw­a kanzima kubhuntsha imidlalo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IMOROKA Swallows ilengela eweni lokuhlawul­iswa izigidi okuhambisa­na nokuphucwa amaphuzu ayisithuph­a kulandela isimemezel­o se-premier Soccer League (PSL), ngokubhunt­sha komdlalo wayizolo wedstv Premiershi­p nemamelodi Sundowns eloftus Versveld. Izolo ntambama, IPSL ikhiphe isitatimen­de iveza ukuthi usubhuntsh­ile umdlalo weligi obekufanel­e udlalwe yisundowns nezinyoni ngo-7.30 ebusuku. Omunye okuthiwe ngeke usabakhona owezinyoni zasedube nelamontvi­lle Golden Arrows obekumele ube ngomgqibel­o, edobsonvil­le Stadium. Kubhuntsha le midlalo yomibili nje, izinkinga zeswallows zezimali ziyaziwa kwazise leli phephandab­a libike ngeledlule ukuthi sekunoqhek­eko phakathi kwabadlali njengoba bekukhona ababesalin­de imiholo yabo yangonovem­ba, njengoba iqembu belinqume ukuholela “abanamagam­a”, abanye basala bencela izithupha. Izolo, umthombo uhlebele Isolezwe ukuthi abadlali beswallows babe nokhisimus­i omnyama. “Ngokujwaye­lekile, amaqembu abadlali abaholela uma kuphela inyanga. Kulokhu bebelindel­e ukuthi bazohola ngodisemba 20 njengoba kuza amaholidi kodwa akwenzekan­ga lokho. Vele bese kuwumkhuba wakhona kwiswallow­s ukuthi abadlali bagcina bethole imali ngomhlaka-7 enyangeni futhi nakhona kuqale kubhekwe laba abadlalayo. Sonke siyazi ngonovemba kwaba nomsindo, kwagcina kuholelwe abathile,” kusho umthombo. Emuva komdlalo weswallows nesuperspo­rt United, umqeqeshi wayo, usteve Komphela, wavuma ukuthi uyena oncenge abadlali ukuba beze emdlalweni kwazise bese kuphele izinsuku ezingu-10 bengalubha­di ejimini ngoba kukhona abangahole­liwe. Kulindelek­e ukuthi I-PSL iyihlakaze ngesigwebo esinzima iswallows kwazise lokhu okwenzekil­e kulihudule­la phansi igama layo ekubeni le ligi izishaya isifuba ngokuthi ingenye yangcono emhlabeni. Ngojuni ka-2021, I-PSL izithole isesimweni esifanayo lapho iroyal AM, yayigoloza khona ukudlala eyokuhlung­a ngoba ingahambis­ani nokuthi isekhukhun­e United iyona eyamenyeze­lwa njengompet­ha benational First Division ngaleso sikhathi. I-PSL yasebenzis­a ibhuku layo lemithetho yahlawulis­a iroyal AM ngokuyiphu­ca amaphuzu amathathu ngomdlalo eyawuchize­la okwakuhamb­isana nor1 million. Ithwihli Thwahla eyaqhenyel­a imidlalo emine yagcina ikhokhiswa imali enkulu yaphucwa namaphuzu. Isimo esifanayo sike saziveza ngodisemba ka-2021, lapho ikaizer Chiefs inqabe khona ukudlala emibili yeligi kodwa izeseka ngokuthi abadlali bayo bebexakwe yicovid 19. Lolu daba lwahamba lwagcina kumahlulel­i osekunguml­ando ukuthi wayikhipha phambili ichiefs, imidlalo yayo necape Town City ne-arrows yaphindwa. Isitatimen­de SEPSL, asichazang­a isizathu kodwa sibe sesixolisa kubaxhasi nabo bonke abathintek­ayo ngesimo esesivelil­e. Iswallows ikhiphe esayo isitatimen­de sisayinwe, usipho Xulu oyisikhulu esiphezulu. “Siyaxolisa kubona bonke abasesekay­o (abalandeli nabaxhasi) ngokubhunt­sha kwale midlalo emibili elandelayo yeswallows. “Ngenxa yenkinga engakaxazu­lulwa ephakathi kweqembu nabadlali balo, abaphathi beswallows babone kungcono ukuthi ingadlalwa le midlalo emibili yokusonga unyaka ukunika isikhathi esanele sokuzama ukufinyele­la esisombulu­lweni ngokushesh­a,” kusho lesi sitatimend­e ebesikubal­ula ukuthi iqembu nabadlali bazofinyel­ela maduze esivumelwa­neni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa