Ngishaya indesheni kubaholi abasazwana nentuthuko
MHLELI: Ngiyisakhamuzi sase-oliviershoek, ebergville, ngaphansi kuka-ward 8, kumasipala wasokhahlamba. Nginesifo sokungakhuli futhi ngiphila nokukhubazeka.
Yize kunjalo angisiye umuntu ovilaphayo kangangoba ngike ngabamba iqhaza ekomitini le-ward ngoba ngikhathalele intuthuko.
Nginenhlangano engiyiqalile ebizwa nge-onesiphiwo Foundation engihlose ngayo ukuxwayisa abantu nentsha yasendaweni ngezindlela ezihlukahlukene zokukhubazeka nokuthi kuphilwa kanjani nabantu abakhubazekile.
Ngihambela amakhaya, emitholampilo, ezikoleni, ezinhlanganweni ezisiza umphakathi ezizimele nezingaphansi kukahulumeni, amasonto nemihlangano yemiphakathi ejwayelekile.
Ngifundisa nangamalungelo abantu abakhubazekile abanawo njengezakhamuzi zezwe nendima engadlalwa ngamalungu omphakathi ukuvikela abantu abakhubazekile.
Ngidinga ukwakhelwa indlu ezokuba nethoyilethi elikwazi ukusetshenziswa wumuntu ohamba ngesihlalo esinamasondo.
Ngidinga i-wheelchair esebenza ngogesi ngenxa yezingalo zami nesakhiwo sokusebenzela inhlangano engiyiqalile, i-onesiphiwo Foundation.
Isikhathi esiningi ngisichitha ngilele embhedeni ngoba angikwazi ukuhamba ekhaya ngesihlalo esinamasondo ngenxa yokuthi indlela nomgwaqo ongenela ekhaya kubi.
Ngiyayidinga imoto engizoyisebenzisa ukuhambela imiphakathi yangasekhaya, ikakhulukazi ekhubazekile. Yebo, ngizomdinga nomuntu ozongishayelela njengoba nginokukhubazeka nasezingalweni.
Ngiyacela kumasipala wangakithi nowasothukela, umnyango wezokuthuthukiswa komphakathi, ihhovisi likandunankulu nehhovisi likamengameli wezwe ukuthi bangisize.
Ngisho nosomabhizinisi abazimele nabaculi bangakithi asebephumelele bangafaka isandla. Ngicela nanoma wubani ongangisiza kulezi zinto engizibalule ngenhla. Onesifiso angabhalela ku: nosiphiwekhumalo351@gmail.com.