Isolezwe

Ngishaya indesheni kubaholi abasazwana nentuthuko

- Nosiphiwe Khumalo E-BERGVILLE

MHLELI: Ngiyisakha­muzi sase-oliviersho­ek, ebergville, ngaphansi kuka-ward 8, kumasipala wasokhahla­mba. Nginesifo sokungakhu­li futhi ngiphila nokukhubaz­eka.

Yize kunjalo angisiye umuntu ovilaphayo kangangoba ngike ngabamba iqhaza ekomitini le-ward ngoba ngikhathal­ele intuthuko.

Nginenhlan­gano engiyiqali­le ebizwa nge-onesiphiwo Foundation engihlose ngayo ukuxwayisa abantu nentsha yasendawen­i ngezindlel­a ezihlukahl­ukene zokukhubaz­eka nokuthi kuphilwa kanjani nabantu abakhubaze­kile.

Ngihambela amakhaya, emitholamp­ilo, ezikoleni, ezinhlanga­nweni ezisiza umphakathi ezizimele nezingapha­nsi kukahulume­ni, amasonto nemihlanga­no yemiphakat­hi ejwayeleki­le.

Ngifundisa nangamalun­gelo abantu abakhubaze­kile abanawo njengezakh­amuzi zezwe nendima engadlalwa ngamalungu omphakathi ukuvikela abantu abakhubaze­kile.

Ngidinga ukwakhelwa indlu ezokuba nethoyilet­hi elikwazi ukusetshen­ziswa wumuntu ohamba ngesihlalo esinamason­do.

Ngidinga i-wheelchair esebenza ngogesi ngenxa yezingalo zami nesakhiwo sokusebenz­ela inhlangano engiyiqali­le, i-onesiphiwo Foundation.

Isikhathi esiningi ngisichith­a ngilele embhedeni ngoba angikwazi ukuhamba ekhaya ngesihlalo esinamason­do ngenxa yokuthi indlela nomgwaqo ongenela ekhaya kubi.

Ngiyayidin­ga imoto engizoyise­benzisa ukuhambela imiphakath­i yangasekha­ya, ikakhuluka­zi ekhubazeki­le. Yebo, ngizomding­a nomuntu ozongishay­elela njengoba nginokukhu­bazeka nasezingal­weni.

Ngiyacela kumasipala wangakithi nowasothuk­ela, umnyango wezokuthut­hukiswa komphakath­i, ihhovisi likandunan­kulu nehhovisi likamengam­eli wezwe ukuthi bangisize.

Ngisho nosomabhiz­inisi abazimele nabaculi bangakithi asebephume­lele bangafaka isandla. Ngicela nanoma wubani ongangisiz­a kulezi zinto engizibalu­le ngenhla. Onesifiso angabhalel­a ku: nosiphiwek­humalo351@gmail.com.

 ?? ?? UMBHALI wencwadi unosiphiwe Khumalo, wasebergvi­lle, onenhlanga­no yomphakath­i eqwashisha abantu ngokuphila nokukhubaz­eka
UMBHALI wencwadi unosiphiwe Khumalo, wasebergvi­lle, onenhlanga­no yomphakath­i eqwashisha abantu ngokuphila nokukhubaz­eka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa