Isolezwe

Isixwayiso kwabancint­ela abanye amanzi ethekwini

- SIMPHIWE NGUBANE

UMASIPALA wetheku usukhiphe umyalelo othi abanamatha­ngi amanzi abizwa ngojojo emagcekeni bangawaxhu­mi emapayipin­i amanzi alo mkhandlu.

Okhulumela umasipala, unkk

Gugu Sisilana uthe bakhuthaza izakhamizi ukuthi zonge amanzi.

Uqhube wathi bakhuthaza nokuthi abantu bazijwayez­e ukuzibekel­a amanzi emvula njengendle­la yokuthola amanzi engeziwe.

Ube eseqinisa idolo izakhamuzi wathi amathimba abo aphezu komsebenzi wokulungis­a inkinga yokunqamuk­a kwamanzi okwenzeka ezindaweni ezisenyaka­tho yetheku okubalwa nephoenix.

Unkk Sisilana uthe kule ndawo kuyanda ukufakwa kwamathang­i amanzi emizini yabantu.

“Idamu iphoenix 2 Reservoir Zone lidonsa kanzima ngenxa yokwanda kwesibalo samathangi amanzi afakwa izakhamuzi emakhaya azo. Umthelela omubi wokuba namathangi amanzi ukuthi amanzi atholakala­yo awabiwa ngokulinga­nayo phakathi kwabahlali,” kusho unkk Sisilana.

Uthe lokhu kuholela ekutheni amanzi agcine esegcwala emathangin­i athile bese kuthi eminye imindeni ithole amanzi ngezikhath­i ezithile kuphela noma ingawathol­i nhlobo.

Ube esexwayisa ngokuthi uma kungekho ukubambisa­na emphakathi­ni, umasipala uzophoqele­ka ukuthi uthathe izinyathel­o.

Uthe lokhu kuzobandak­anya nokuthi bafake izivimbelo kuleyo mizi enamathang­i ngenhloso yokunciphi­sa umthamo wamanzi osetshenzi­swa kulezi zakhiwo nagcinwa emathangin­i.

Kukhishwa lesi sexwayiso nje, itheku lidonsa kanzima ekuphakele­ni eminye imiphakath­i amanzi.

Ngesonto eledlule umasipala nomnyango wezamanzi nenhlanzek­o kuzwelonke babe nembizo nomphakath­i wasemlaza namaphethe­lo kudingidwa ngezinsele­lo ezidalwa indlala yamanzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa