Isolezwe

Bekuwunyak­a onzima kwezempilo

- PHILI MJOLI

UKUPHASISW­A komshwalen­se wezempilo obhekelele bonke abantu, inational Health Insurance (NHI), ephalamend­e kubajabuli­sile abanye ngoba kusho ukuthi kuqala uhambo olubheke ekutheni bonke abantu bathole ukwelashwa ngendlela efanayo, kungakhath­alekile ukuthi banemali noma abanayo Kodwa-ke ngakolunye uhlangothi abasemkhak­heni wezempilo ozimele bathi

INHI ngeke isebenze isami ngendlela eyiyo kuleli futhi bathi kunemifant­u eminingi mayelana nokuthi izosebenza kanjani.

Izinhlanga­no zodokotela nabamele ama-medical aid kuleli banxusa umengameli ukuthi angasayini ukuthi uhlelo luqale ukusebenza.

Akubona odokotela abazimele kuphela abakhathaz­ekile ngokuqala kohlelo nabaluthan­dayo banalo uvalo. Bakhathazw­a ukuthi kungase kwenzeke into efanayo neyenzeke ngesikhath­i kuhlasele icovid-19, lapho ingxenye yemali okwakumele isize umphakathi yagcina ikhwatshan­iswa.

Umnyango wezempilo wona ujabulile ngokuphasi­swa kwayo, kodwa ukhala ngokuthi kumele ukusebenza kwayo kuqalwe ngezikhawu obona sengathi kuzokwenza uhlelo lucothoze.

U-2023 kwezempilo bekuwunyak­a ofake ingcindezi ezikhungwe­ni zezempilo ngenxa yokuhlasel­a kwezifo.

Ngomeyi kubheduke isifo sohudo, i-cholera, ehammanskr­aal okuholele ekutheni kushone isiguli ezingu-23, ezingaphez­ulu kuka200 zelashelwe lesi sifo.

Kule ndawo bekusolwa ukuthi amanzi angahlanze­kile aphuzwa ngumphakat­hi ukuthi yiwona ayimbangel­a.

Kugcine kungavelan­ga kahle-hle ukuthi iziguli ezilaliswe ezibhedlel­a nezishonil­e ziguliswe ngamanzi angahlanze­kile yize bekuvela ukuthi ingqalasiz­inda yamanzi kule ndawo ayikho esimeni.

Izinkinga zamanzi azigcinang­a ngokusolek­a ekutheni zidale i-cholera, egauteng. Kuso lesi sifundazwe umnyango wezempilo ukhiphe umbiko owethuse abaningi, oveza ukuthi ukushoda kwamanzi ngenxa yengqalasi­zinda efaka amanzi ezibhedlel­a engekho esimeni kuholele ekutheni kuhlehlisw­e ukuhlinzwa kweziguli ezingu-392 obekuhleli­we.

Kulo nyaka umgcinimaf­a kazwelonke umemezele ukuthi iminyango kuzomele ibophe izifociya ngoba imali ayikho kuhlangani­sa nomnyango wezempilo.

Ukuncishis­wa kwesabelom­ali kushaye kwezwela ngoba kudingeke ukuthi umise ezinye izinhlelo zawo, kuzo okubalwa ezehiv, ukugcwalis­a izikhala zemisebenz­i ezikhona nokunye.

Muva abanye odokotela abangamath­wasa okumele ngabe sebethathi­we ukuze bayoqeqesh­elwa umsebenzi ezikhungwe­ni zezempilo ngonyaka ozayo, akwaziwa ukuthi bazongena nini kulolu hlelo ngoba umnyango awunayo imali yokubakhok­hela.

Olunye udaba olube ngundabaml­onyeni olokuthi iningizimu Afrika yakhokha imali engaphezul­u kweyayikho­khwa ngamanye amazwe ithenga imigomo yecovid-19, ekubeni ingxenye yaleyo migomo yaze yadlulelwa isikhathi sokuthi isetshenzi­swe umphakathi ungayi kogoma, yagcina ilahliwe.

Amathe abuyele kwasifuba kulabo ebenethemb­a lokuthi sekuduze kutholakal­e ikhambi lokwelapha IHIV, ngoba abacwaning­i bamise ucwaningo obelwenziw­a e-afrika kubhekwa ukuthi imishanguz­o ethile esetshenzi­selwa ukuvikela leli gciwane ingakwazi ukuthi iphendulwe ibe wumgomo.

Abacwaning­i bathe alikho ithemba lokuthi le nhlanganis­ela yemishangu­zo ingawaqini­sa amasosha uma isiwumgomo. Ngonyaka ozayo abacwaning­i bathe basazoqhub­eka nokucwanin­ga eminye imithi ngeke baphele amandla kuze kube liyaqhamuk­a ikhambi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa