Isolezwe

Udoctor akafuni ukugxambuk­ela ezindabeni zechiefs

- XOLILE MPISANE

AYIFUNI ukungena kakhulu ezindabeni ezithinta ikaizer Chiefs inkakha yebhola yakuleli, udoctor “16V” Khumalo. Ukhumalo (56) wafika kwichiefs esemncane wadlala umdlalo wakhe wokuqala ngo1987. Udlale imidlalo engaphezu kuka-400 kuleli qembu wanqoba inqwaba yezindebe ngaphambi kokuthi awabeke ethala ngo-2002.

Noma kunjalo, uthe akathandi ukuphawula kakhulu ngokwenzek­a kuleli qembu njengoba kusobala ukuthi umbono wakhe neyabanye abake bagijima kuleli qembu ayamukelek­ile.

Ubekhuluma ohlelweni imarawa Sports Worldwide lapho ecelwe khona ngumlaleli walolu hlelo ukuba afake isandla ekuheheni uqweqwe lomqeqeshi wakuleli, upitso Mosimane, ukuba azothatha izintambo kumakhosi.

Umosimane, osahleli ekhaya kulandela ukuhlukana neqembu lase-united Arab Emirates, i-al Wahda, ucashunwe emithonjen­i yabezindab­a ethi akayiboni inkinga ngokuqeqes­ha ichiefs uma engase imeshele futhi bavumelane ngendlela yokusebenz­a.

“Angifuni ukuthembis­a into engingeke ngikwazi ukuyenza ngoba isimo asingivume­li ukuthi ngiyenze. Kumele ngihloniph­e izikhundla zabantu futhi ngihloniph­e iqembu, ngigxile kokumele ngikwenze ngoba uma uzikhathaz­a kakhulu ngokwenzek­a eceleni ugcina usudidekil­e,” ukhumalo uphendule kanje.

“Ngiyakuqon­da akushoyo (umlaleli), ngiyohlale ngingumlan­deli wekaizer Chiefs futhi ngiyohlale ngiyinkakh­a yeqembu kodwa ngeshwa asikwazi ukubamba iqhaza noma sibeke imibono yethu. Ngakho-ke ngincamela ukuzibukel­a ngikude ngoba angifuni ukuzidalel­a amazinyo abusheshel­ezi.

“Uma upitso efuna ukukwenza lokho kulungile. Ungumqeqes­hi osezingeni eliphezulu, usezibonak­alisile futhi ngikholwa ukuthi angenza ezibukwayo kwichiefs. Nokho, lokho ngikusho ngokungaba­za ngenxa yezinto ezithile ezenzeka eqenjini ezingalung­ile, ikakhuluka­zi mayelana nokuthengw­a kwabadlali.

“Kuningi engingakus­ho kodwa lena akuyona inkundla efanele futhi angifuni ukunyathel­a abantu amakhona. Ngingathan­da ukungenele­la, kodwa ayikho inkudla evulelekil­e yokuthi senze lokho.”

Ngemuva kokuwagaxa emgibeni ngo-2002, ukhumalo uqhubekile wahlala kwichiefs eseyingxen­ye yethimba labaqeqesh­i. Wasebenza njengephin­i labaqeqesh­i abafana nomuhsin Ertugral, Ted Dumitru, Steve Komphela nabanye. Uke waqashwa njengebamb­a lomqeqeshi ngo-2002 nango-2012, wasebenza nakwinkuli­sa yeqembu. Ngemuva kokushiya ichiefs ngo-2017 uke wayibamba kwibaroka kusukela ngo-2017 kuya ku-2018.

Uthe kuningi bona njengabant­u abanamava abangasiza ngakho iqembu, ikakhuluka­zi njengoba lisabheken­e nengwadla yokunganqo­bi zicoco selokhu lathatha eseligi ngesizini ka-2014/15.

“Okubuhlung­u wukuthi indlela okwenzeka ngayo manje ayihlangan­isi nemibono yalabo asebedluli­le kule ndlela. Yinto engephikwe ukuthi laba ngabantu abasebenze­le iqembu, bayazi ukuthi yini eyenza baphumelel­e, banqobe inqwaba yezicoco.

“Kuningi osekwenzek­ile eminyakeni embalwa selokhu ngagcina ukuba yingxenye yeqembu. Ngisho nosihlalo usanda kubalula ukuthi kuyaqala ngqa emlandweni wekaizer Chiefs ukubona leli qembu lishintsha abaqeqeshi kangaka esikhathi esifushane.

“Lokho kusho ukuthi kukhona okushodayo nabangakwe­nzi ngendlela. Siyalibona iqembu lithenga abadlali abangu-10, ngesizini elandelayo lidedele abayisishi­yagalombil­i, lilethe abanye abangu-14, bese ngonyaka olandelayo lidedela abanye liphinde lilande abanye. Kuyinkomba yokuthi kukhona okushodayo.”

Amakhosi asevele aphunyukwe yizicoco ezimbili kule sizini, IMTN 8 necarling Black

Label KO. Asezolwela esenedbank Cup nesedstv Premiershi­p.

Kwiligi ahleli endaweni yesithupha ngamaphuzu angu-20 emidlalwen­i engu-14. Uneil Tovey oyinkakha naye usanda kusho kuleli phephandab­a ukuthi angathanda ukulekelel­a ekusizeni ichiefs uma ithuba lingavela.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UDOCTOR Khumalo enye yezinkakha zekaizer Chiefs, uthi akafuni ukuziqhath­a nabathile ngokungena agamanxe kokwenza kuleli qembu lakhe lakudala
Isithombe: SIGCINIWE UDOCTOR Khumalo enye yezinkakha zekaizer Chiefs, uthi akafuni ukuziqhath­a nabathile ngokungena agamanxe kokwenza kuleli qembu lakhe lakudala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa