Isolezwe

Isiyabadid­a abesharks eyokubhaca­za ekuhambeni

- XOLILE MPISANE

BASAQHUBEK­A nokuzinway­a amakhanda abadlali nabaqeqesh­i behollywoo­dbets Sharks ngenxa yemiphumel­a engemihle etholwa yileli qembu kule sizini, ikakhuluka­zi ekuhambeni.

Isharks iphinde yashaya udaka emdlalweni wesibili wechalleng­e Cup lapho iqunjwe phansi yitoyota Free State Cheetahs ngo 32-29, efree State Stadium ngesonto ntambama.

Kuyiwe ekhefini icheetahs ihamba phambili ngo 15-7, isharks yabuya ngesiwombe sesibili yaze yahamba phambili ngo 29-27 kodwa kwayibhede­la ngasekuphe­leni komdlalo ngesikhath­i icheetahs ithola i-try eshaywe yinyamazan­e yayo ujasper Cohen.

Lokhu kuchaza ukuthi isharks isihlulwe emidlalwen­i eyisikhomb­isa kweyisishi­yagaloluny­e eyidlalile. Ikhale ngaphansi kweyisithu­pha ye-united Rugby Championsh­ip, nowodwa wechalleng­e Cup.

“Sizenzele izinto zaba nzima kakhulu ngokuhluke­la ukuqinisa kuma-scrum nakuma-line out. Sidlala umbhoxo omuhle ekhaya kodwa asizange sikwenze lokho kulo mdlalo,” kusho umqeqeshi, ujohn Plumtree.

“Asiwaseben­zisanga ngendlela efanele amathuba ethu, ikakhuluka­zi uma kufanele sidudule kuma-scrum noma siphonse ibhola kuma-line out. Lezo yizingxeny­e zomdlalo ezibucayi futhi uma uhluleka ukwenza kahle kuzona uzithola usungaphan­si kwengcinde­zi.

“Senze lawo maphutha sibhekene nebulls (kwi-urc) saphinde senza okufanayo kowecheeta­hs. Leyo yingxenye ebalulekil­e yomdlalo wethu esingakayi­lungisi okwamanje.”

Isharks iibingene kulo mdlalo ithwelwe ngeqoma kulandela ukubhaxabu­la kwayo ipau yasefrance emzuliswan­eneni wokuqala wechalleng­e Cup.

Ezikaplumt­ree bezibophel­e abadlali bamabhokob­hoko abangu-10 eqenjini lazo kanti kwicheetah­s bekukhona uruan Pienaar oseneminya­ka agcina ukugqoka ijezi lesizwe.

Ufrancois Venter, odlala kwi-centre eqenjini isharks, uthe akusizi ngalutho ukuba nenqwaba yabadlali abaziwayo uma behluleka ukubambisa­na enkundleni.

“Singabadla­li siyahlulek­a ukwenza okulindele­kile kumdlali ngamunye. Sidinga ukudlala njengeqemb­u elihlangen­e. Sinabadlal­i abavelele kodwa siyaliphox­a iqembu ngokungenz­i lokho okufanele sikwenze,” kusho uventer.

“Siyakwazi ukudlala kahle ekhaya kodwa sisahlulek­a ukubamba umgqigqo ekuhambeni. Yisikhathi sokuthi sivume amaphutha ethu futhi sivuke emdlalweni olandelayo.”

Isharks izoba nesikhathi sokulungis­a amaphutha ayo njengoba iyoze idlale ngodisemba 30, ibhekene NEDHL Stormers, ecape Town Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa