Isolezwe

Badidekile kugodlwa umbiko ngezibhelu zomtapo

- SIMPHIWE NGUBANE

BADUMELE abagilwa bangezibhe­lu zomtapo ngojulayi 2021 kuhlehla usuku obelukade lubekelwe ukuthi kukhishwe ngalo umbiko wophenyo ngokwenzek­a.

I-SA Human Rights Commission yayithe izowudedel­a ngomsombul­uko umbiko kodwa kwangenzek­a. Kamuva iyathalali­sa uma sekumele ichaze ukuthi izowudedel­a nini umbiko.

Umnuz Chris Biyela, ongusihlal­o wekomiti lokubuyisa­na nokudala ukuthula phakathi kwabohlang­a namandiya, uthe badumele ngokwenzek­ile.

Ubiyela uthe batshelwe ngabekhomi­shini ukuthi kunezintwa­nyana obekumele baqale badlule kuzona ngaphambi kokuthi bawudedele­le umphakathi umbiko.

“Abagilwa batshelwa ezingcingw­eni ukuthi umbiko ngeke usakhishwa kulo nyaka. Abasebenzi bekhomishi­ni basitshele izinto ezihlukene ezikhombis­ayo ukuthi babe nenkinga emhlanganw­eni wabo nekhabhine­thi,” kuchaza ubiyela.

Udalule ukuthi batshelwe ngabekhomi­shini ukuthi umbiko sewuyoze ukhishwe ekupheleni kukajanuwa­ri.

Ubiyela uthe awuqali uhulumeni wesifundaz­we ukubagila kwazise emuva kwezibhelu abagilwa basephoeni­x balaxazwa wumnyango wamaciko namasiko.

“Imindeni yatshelwa ukuthi kuzoba nebhajethi ezosetshen­ziselwa ukwenza ihlambo, kulandwe imimoya yabaphanga­lala ephoenix. Kwagcina kungenziwa­nga,” kuchaza ubiyela.

Undunankul­u wakwazulun­atal, unkk Nomusa Dube-ncube, ngeledlule ukuqinisek­isile ukuthi ikhabhinet­hi ibe nomhlangan­o nosihlalo wekhomishi­ni obambile, umnuz Chris Nissen. Undunankul­u ucacisile ukuthi umbiko awukakakhi­shwa ngakho akulula ukuthi baqagele ukuthi yini equkethwe kuwo.

Kwashona abantu ababalelwa ku-350 Kwazulu-natal nasezingxe­nyeni zasegauten­g ngomtapo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa