Isolezwe

Indida unesi etholwa elenga emtholampi­lo

- ZIMBILI VILAKAZI

USADIDEKIL­E umndeni kanesi otholwe elenga ngentambo kagesi endlini ehlala abahlengik­azi ngaphakath­i emtholampi­lo wakwamaqum­bi, Kwamaphumu­lo, ngomsombul­uko.

Umnuz Talent Ngema (26) wakwandaba, khona Kwamaphumu­lo kuthiwa utholwe omunye abasebenza naye ohambe wayobheka ukuthi kwenzekani ngaye. Endaweni yesigameko kuthiwa akukho okuningi okutholake­le okuchazayo ukuthi ngabe yini imbangela yokuthi azibulale. Kuvela ukuthi kutholwe ipheshana lapho ebhale khona ukuthi “ngiyakutha­nda mngani wami” wabe esebhala kulo ne-pin yamakhadi akhe asebhange. Kuthiwa umuntu abembiza ngomngani wakhe ugogo wakhe omkhulisil­e, Isolezwe elithole ukuthi uneminyaka engu-86. Umalume wakhe umnuz Sizwe Ngema, uthe kwenzeka isigameko nje umufi ubekade enabo ekhaya ngempelaso­nto.

“Ufike ngesikhath­i iqala impelasont­o, ebukeke engenankin­ga. Besizixoxe­la nje, kukuhle njengenjwa­yelo. Kuthe ngesonto, savalelisa­na kahle, esebuyela emsebenzin­i. Sithukile sithola ucingo lokuthi usenze lokhu,” kusho ungema.

Umthombo ocele ukungadalu­lwa utshele Isolezwe ukuthi umufi bekufanele angene emsebenzin­i ekuseni ngomsombul­uko kodwa kwangenzek­a.

“Uthumelele umphathi umyalezo ebika ukuthi kukhona okungahamb­i kahle, ngakho ucela ukungangen­i emsebenzin­i. Umphathi akazange anakisise ukuthi sekonakele ngaleyo ndlela, uzitshele ukuthi mhlawumbe akaphilile,” kusho umthombo.

Uthe bekuyizith­uba zasemini ngesikhath­i omunye wozakwabo kamufi ekhetha ukuyobheka endlini yakhe ukuthi ngabe kwenzekani ngaye njengoba engaphumel­elanga ukuza emsebenzin­i.

“Ufike wathola isimanga, emfica elenga ngentambo kagesi ekamelweni lakhe. Bese konakele. Endlini ubengakhiy­ile ngoba uzakwabo ohambe wayombheka, uvele wawuvula umnyango wavuleka emva kokungqong­qoza kungaphend­uli muntu,” kusho umthombo.

Uqhuba uthe uzwe kuthiwa nangaphaka­thi kozakwabo, akukho abaqaphele ukuthi mhlawumbe kuyamudla njengoba ebelokhu ekhombisa ukuthi konke kuhamba kahle.

Induna yakwandaba, umnuz

Zazi Mthembu ithe nabo bathukille ngoba umufi ubeyingane ehloniphay­o abangayaze­li lutho olubheke eceleni.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulunat­al, ucolonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa akwamaphum­ulo aphenya idokodo lokufa komuntu kulandela isigameko lapho okusolwa khona ukuthi owesilisa uzilengise­le emsebenzin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa