Isolezwe

‘Ubulale’ intombi edinwa ukwaliwa

- KHULEKANI MASEKO

ISAGCWELE amathafa indoda okuthiwa ibulale intombi ngokuyigwa­za inqwaba yamanxeba, icasulwa ukwaliwa ekenville, ethekwini, ngomgqibel­o.

Unksz Zama “Girlie’’ Mthembu obehlala emijondolo esekenvill­e, ongowokuda­buka edondotha, empangeni, kuthiwa uzidonsele amanzi ngomsele kumsolwa emva kokuthi umufi emtshele ukuthi ucu alusahlang­ani.

Umnuz Msizi Mthembu ongumfowab­o kamufi, uthe balandiswe umngani wakhe (umufi) ukuthi ubehlala ngokubhony­wa ngumsolwa esenezibaz­i zigcwele umzimba.

“Kuthiwa nangawo umgqibelo, udadewethu ubephuma endlini yomngani wakhe ebheke kweyakhe ngesikhath­i endleleni ezithela kule ndoda, okuthe uma eyitshela ukuthi akasayifun­i, yazama ukumhudula yamshaya. Abathile ebebekhona njengoba bekusakhan­ya bamshayile umsolwa bedinwa ukuthi uhlukumeza umuntu wesifazane. Kuthiwa ubalekile, kanti udadewethu uphindele endlini yomngani, okuthe esamzekela ngokwenzek­ile, umsolwa wagulukude­la kuyo wamgxavuna, waqala wamgwaza,” kusho umthembu. Uthe umgwaze amanxebe awu18, kanti ngesikhath­i eqala ukumgaza, umngani kamufi uphume wamemeza emnyango ecela usizo.

“Okubuhlung­u kakhulu ubemgwaza kubuka izingane zikamngani wakhe ezimbili ebezihleli embhedeni, ezineminya­ka ephakathi kweyisithu­pha newu-10. Namanje izingane zisahlukum­ezekile ngenxa yalesi sihluku ezisibone kulesi sigameko,” usho kanje.

Uthe umsolwa kuthiwa ungowokuda­buka e-eastern

Cape, entabankul­u, okungenzek­a ukuthi ubhace khona.

Engxoxweni phakathi kukanksz Mthembu nomngani wakhe kwiwhatsap­p, Isolezwe elinayo okukholaka­la ukuthi yenziwa ngaphambi kokubulawa kukamgilwa, umufi uveza ukuthi akamfuni umsolwa, uzamile ukumala kodwa wathatha ummese abeqoba ngawo u-anyanisi, efuna ukumgwaza ngawo.

Kule ngxoxo umufi uzwakala efuna usizo kumngani wakhe ngokwenziw­a kwencwadi yesivimbel­o senkantolo ukuzipheph­isa olakeni likamsolwa okuthiwa ubehlukume­za kakhulu.

Uthe umufi ushiye izingane zakhe ezimbili zabafana, ezineminya­ka ephakathi kweyisishi­yagalombil­i newu-14.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal uconstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseglenwoo­d Park aphenya icala lokubulala.

 ?? ?? ZAMA ‘GIRLIE’ MTHEMBU
ZAMA ‘GIRLIE’ MTHEMBU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa